UMengameli Wezwe uyabonga kumalungu e-ANC athembekile

2017-08-08 19:34

Durban - UMengameli Jacob Zuma uthi leli voti lingelesishiyagalombili futhi amaqembu aphikisayo alokhu ehluleka.

Uthi kulokhu bebexova abantu bebakhohlisa becabanga ukuthi abantu abakwazi ukucabanga.

Uthi abantu abacabanga uma i-ANC ibingekho ubani obezohola futhi ubezohola athini.

UZuma uthi iyamangaza indaba yokuhlaziywa kwalezi zimo, uthi i-ANC yavotelwa yizakhamuzi zakuleli, futhi bavota ngobuningi babo, uthi leli qembu limele abantu, akaqondisisi ukuthi kungani bezama ukusebenzisa imithetho yephalamende ukushintsha isinqumo esenziwa yizakhamuzi.

"Nabantu abamhlophe bagcwala imigwaqo bengakaze baphume, bahlanganyela nabezindaba ukuphusha umkhankaso wabo wokuthi abantu abasiyifuni i-ANC kodwa abakaze bacabange ukuthi abantu bazizwa kanjani ngaleli qembu.

Uthi kumele kubongwe namalungu e-ANC asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi imizamo yamaqembu aphikisayo ayiphumeleli.

"Phela bachithe imali eningi ukuzama ukuyenga abantu, futhi ngiyabonga kulabo abayithathile imali abondle izingane zabo.

OLUNYE UDABA:#ZumaVote: Inkunzi emidwayidwa uMengameli uJacob Zuma akayindawo

Usomlomo we-ANC uZizi Kodwa uthi ngesikhathi amaqembu aphikisayo exoxisana namalungu ayo, bebanxusa ukuba bavote nabo, nabo bebekhuluma namaqembu abo angeneme ngalokhu okwenzekayo.

I-EFF yaveza ukuthi ixoxisane namalungu e-ANC angu-60, yize kunjalo, kuyacaca ukuthi akuhambanga ngokwezinhlelo zabo.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuvezwa kwemiphumela yamavoti uJulius Malema uthi, bathole amavoti angu-35 kusukela kumalungu e-ANC yize abangu-9 kulaba bengavotile.

Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi ikhona inqubekela phambili ngezinhlelo zabo, futhi bazoqhubeka nokuyenga amalungu e-ANC ngoba kusobala ukuthi baningi abafuna uMengameli ahambe kodwa bayasaba.

UMalema uthi bayiqembu, bazofika ephalamende uma uMengameli uJacob Zuma ezophendula imibuzo futhi bazomtshela ngqo emehlweni ukuthi abamfuni futhi ngeke baphumule uma esasekhona


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.