UMengameli Zuma nomyalezo entsheni yakuleli

2017-06-16 13:00

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma wethule inkulumo ngoSuku lweNtsha eTshing, eNorth West, ngoLwesihlanu wathi kubalulekile ukuba yingxenye uma kuthuthukiswa izwe.

Uthe ekhuluma kwakhona ukuxokozela obekwenzeka emuva, abafundi bememeza bethi “Zuma Must Fall”, baze bakhishelwa ngaphandle.

“INingizimu Afrika imaka iminyaka engu-41 ibungaza izidubedube ezabheduka ngomhlaka-16 Juni, 1976,” esho.

Ubeqondise emashini yabafundi ababemelene nokufundiswa ngesiBhunu ezikoleni.

Uthe lolu suku lubalulekile ezweni lethu ngoba lutshengisa isibindi sentsha yango-1976 eyabhekana ngqo nohulumeni wobandlululo.

“Bagcwala izitaladi ngoba befuna ukuqhubeza amaphupho entando yeningi kuleli bese beqeda nya nangengcindezi eyayikhona ngaleso sikhathi.

“Siyawahlonipha kakhulu la maqhawe aseSoweto kanye nekwezinye izingxenye zezwe adlala indima kule mibhikisho ka-1976,” esho.

OLUNYE UDABA: Akayi ndawo uMengameli Zuma, kusho i-ANC

Uphinde wathi izwe liyabahlonipha abaholi babafundi bangalowo nyaka abaqinisekisa ukuthi baqhuba umzabalazo wezombusazwe, owagcina ufezekiswa ngo-1994.

“Asibashiyi ngaphandle nabesifazane abadlala indima enkulu kule mibhikisho. Yize bengagqamile emlandweni, kepha sithanda ukusho ukuthi siyawazi amagalelo abo. Kunomkhuba wokunaka kakhulu abesifazane uma kuqoshwa umlando,” kuqhuba umengameli.

Uqhube ngokuthi intsha yakuleli ilwela ukungaqasheki, ezenhlalakahle kanye nezemfundo.

“Uhulumeni wengcindezelo waphendula intsha eyayibhikisha ngezibhamu, thina njengohulumeni wentando yeningi sinxusa ukuba intsha isebenzisane kanye nathi ukuze kufezekiswe izimfundo zayo.

“Sifuna intsha ifunde, ihlukane nezidakamizwa nophuzo oludakayo iphinde futhi iziqhelelanise nokusuleleka ngengculazi ngokuthi izivikele, labo asebethelelekile badle imishanguzo. Kuhle futhi nokuthi intsha ithole inkululeko yezomnotho,” esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.