Umengameli Zuma ufisele abantu bakuleli amaholidi anokuthula

2016-12-17 17:05

Durban – UMengameli Jacob Zuma usefisele abantu baseNingizimu Afrika amaholidi anokuthula, agcwele intokozo futhi abantu baphumule kamnandi.

Umengameli uzochitha amaholidi esemzini wakhe eNkandla, esigodini saKwaNxamalala.

Okhulumela iHhovisi likaMengameli uBongani Ngqulunga uthe uZuma uzoqhubeka nomsebenzi wakhe, uma kunesidingo semihlangano ephuthumayo, uzoyibambela emzini wakhe eNkandla.

Eminye imicimbi azoyihambela kula maholidi kubalwa umqhudelwano webhola lezinyawo iMsholozi Soccer Tournament, eShowe, ngoMgqibelo kuthi ngeSonto ahambele umcimbi wamaNxamalala Trust, okungowomndeni lapho usuke uhlonipha khona ubabamkhulu wawo iNkosi Matomela, eMpendle.

OLUNYE UDABA: UMengameli uJacob Zuma udedela eyakhe i-top 10 oKhozini olumaphikophiko

Kulindeleke ukuba aphinde ahambele umqhudelwano we-chess ngomhlaka-20 Disemba uzobanjelwa eSibusisiwe Hall, eMandeni.

Ngomhlaka-24 uzohambela uKhisimusi wezaguga eSavannah Park ngaseChatsworth, eThekwini, kuthi ngomhlaka-27 ahambele iJacob Zuma RDP Education Trust Senior Citizens' Christmas Party ezoba seMnyakanya Secondary School Sports Ground, eNkandla.

Ngomhlaka-29, umengameli Zuma uzosingatha iJacob Zuma RDP Education Trust Youth and Children Christmas Party.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.