UMengameli Zuma ufisele oweGospel ukululama okusheshayo

2017-01-25 18:04

Cape Town - UMengameli Jacob Zuma ufisele isihlabani sakuleli somculo weGospel, uLundi Tyamara, ukuba silulame ngokushesha.

Sekuphele amasonto amane selohku uLundi angeniswa esibhedlea esiseGoli njengoba exinwe yi-TB yesisu nenkinga yesibindi.

UMengameli Zuma unxuse iNingizimu Afrika ukuthi iqhubeke nokubeka uLundi nomndeni wakhe emthandazweni.

OLUNYE UDABA: EZINGENA MANJE: Kubi kakhulu kuLundi esibhedlela

Esitatimendeni esiphume ngoLwesithathu, umndeni ubonge iNingizimu Afrika ngokuqhubeka nokuweseka.

"Sicele abalandeli nomphakathi wonkana ukuba uthandezele ukuthi uLundi alulame njengoba isimo sakhe siya ngokuba sibi. Njengamakholwa siyazi ukuthi ngokungenelela kukaNkulunkulu uzokunqoba ukugula kwakhe."

Lo mndeni kanye nemenenja yakhe uLundi bacele ukuba kuhlanganyelwe kusasa (ngoLwesine) esontweni iCentral Methodist elimaphakathi nedolobha iGoli kuyothandazwa ngezithuba zabo-18:00.

Iphephabhuku iDrum libike ukuthi lo mculi usephefumula ngosizo lwemishini.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.