UMengameli Zuma ugadle emaqenjini aphikisayo

2017-06-01 19:26

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma ushiye angalazi kumaqembu aphikisayo ngoLwesine ngesikhathi ephendula imibuzo evuke ngesikhathi ethula isabelomali seHhovisi likaMengameli ngoLwesithathu.

I-Democratic Alliance, Economic Freedom Fighters neCongress of the People bebengekho ePhalamende ngesikhathi uMengameli ephendula imibuzo ngoLwesine.

Lokhu kulandela ukuthi abakhulumeli bala maqembu bekhwele badilika kuZuma ngoLwesithathu, njengoba kwabaningi belungasuki ezindebeni zabo olokulawulwa koMbuso ngabakwaGupta kanjalo nodaba lwaseNkandla.

Ngemuva kokuphinda acacise ukuthi uzolwamukela uphenyo mayelana nodaba "lokubanjwa koMbuso ngobhongwane", khona kuzophuma amaqiniso kuphele amahlebezi, uZuma ube esephuma enkulumweni ebihleliwe.

Uthe kunabantu abavoteliwe, kepha abangekho ePhalamende.

OLUNYE UDABA: Buka izinguquko ezenziwe uMengameli Zuma

“Baba khona uma bezokhuluma, kodwa abakwazi ukuba khona uma sekumele balalele,” kusho uZuma.

"Ngisho noma kuqhubeka inkulumompikiswano abakwazi ukuqophisana ngemibono, into abayaziyo ukumemeza izinto ezihlambalazayo, Nkosi yami,” esho.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wahlekisa nge-DA ngokuhlale njalo icaphuna u-OR Tambo noNelson Mandela uma ikhuluma.

“Baphi oVerwoerd kanye nabanye? Abacaphune bona,” esho, kwase kuqhuma uhleko emabhentshini e-ANC.

Esephetha inkulumo, uZuma uthe indlela abaziphatha ngayo ePhalamende isiyimbi ngokwedlulele.

“Abanye babeshaya abanye ngomakalabha. Bavunyelelwani abantu ukuba bangene ePhalamende nomakalabha?” esho ebhekiswe esenzweni se-EFF lapho eyayisolwa khona ngokushaya onogada ngomakalabha ngesikhathi ikhishwa ngendluzula kuvulwa iPhalamende.

                                                                  
  

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.