UMengameli Zuma unxuse ukuba kuthandazelwe abaholi

2017-09-11 09:30

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma unxuse abefundisi ukuba bathandazele osopolitiki kanye nabaholi.

Ekhuluma eVoice of Victory Church International eLadysmith ngeSonto, uZuma uzwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwamakhansela KwaZulu-Natal.

UMengameli uthi unethemba lokuthi abaholi bezenkolo bazoqhubeka nokukhulekela izwe kanye abaholi balo.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu zinamanxeba okugwazwa

“Amathemba ethu akunina. Ikusasa lethu lisezandleni zenu. Laba abaholi bakusasa bezepolitiki, sicela ukuba nisithandazele, njengoba sizwa ngokubulawa kwamakhansela. Kunedimoni! Siyacela nithandazele ukuba lokhu kuphele.”

Ngokuhamba kwesikhathi uMengameli Zuma unxuse uphiko lwentsha ukuba luqhubeke nokulwela okufunwa yintsha nokuzwakalisa imibono yabo ngaphakathi enhlanganweni.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.