UMengameli Zuma uthi uyajabula ngendima ayidlalile kwi-ANC

2017-12-18 16:01

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma uthi uzokwehla esikhundleni sokuhola i-African National Congress (ANC) egcwele injabulo ngendima ayidlalile enhlanganweni.

UZuma ubonakale exoxisana nabamele izinkampani ezenza imibukiso ngamabhizinisi azo ngoMsombuluko emini, eceleni kwalapho okuqhubeka khona ingqungquthela ye-ANC, eNasrec.

Ube esethatha imizuzwana wakhuluma nezintatheli ebezilokhu zimlandela kulesi sikhungo semibukiso.

OLUNYE UDABA: NDZ vs CR17: Izikhulu ze-ANC zidalule indlela ezivote ngayo

Uthe uyazi ukuthi i-ANC ngokomlando wayo nangokobukhulu bayo, uma ihlangana kuvamile ukuthi isasasa libephezulu, ngakho bayabonga kakhulu ngoba lokhu kuyabakhombisa ukuthi i-ANC ikuliphi izinga.

Uphinde wathi uyajabula nangendlela eqhubeka ngayo ingqungquthela, wathi amaqembu aphikisayo kumele abukele kwi-ANC ngokunikeza amagatsha amandla okukhetha umholi omusha.

Khonamanjalo, uhlelo lokuvota luphothuliwe kule ngqungquthela kanti sekulindelwe imiphumela i-ANC ethi izokhishwa selishonile elangoMsombuluko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.