UMengameli Zuma uzohlangana nekomidi elibhekelele ukuziphatha

2016-12-03 13:01

Johannesburg – UMengameli we-African National Congress (ANC) uJacob Zuma kulindeleke ukuba ahlangane nekomidi yale nhlangano ebhekelele ukuziphatha, nngoMgqibelo.

Leli komidi labunjwa ngo-2013 ukuze kuvikelwe isithunzi seqembu ezigamekweni lapho kukhona amalungu asolwa ngokungaziphathi ngendlela nokubandakanyeka ezigamekweni zobugebengu.

Nokho leli qembu liphikile ukuthi umengameli uzobe ephekwa ngemibuzo kulo mhlangano.

OLUNYE UDABA: 'Izimfihlo zihlala esifubeni uma nivula esami ningathola izimanga - Zuma

Kuzokhumbuleka ukuthi umengameli kwatholakala ukuthi akaziphathanga ngendlela ngesikhathi kulungiswa umuzi wakhe oseNkandla.

Embikweni kalowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, kwavela ukuthi uZuma uyathinteka ezinsolweni zokubanjwa koMbuso ngobhongwane, okusolwa izelamani zakwaGupta.

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa uqinisekisile ukuthi uZuma uzohlangana naleli komidi kuzodingidwa ngezinto ezithinta iqembu, hhayi ukuthi uthele i-ANC ngehlazo.

Lokhu kwenzeka nje umengameli kade evele ngaphambi kwe-NEC ngemuva kokuthi omakadebona be-ANC benqume ukuthi kumele uZuma esule esikhundleni, kungenjalo aphoqwe.

I-NEC yabe isithatha isinqumo sokuthi iyamethemba umengameli ukuba aqhubeke nomsebenzi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.