'UMengameli Zuma wangithembisa umuzi'

2017-12-01 11:01

Durban - Eminyakeni emine eyedlule, uMengameli Jacob Zuma wathembisa uMbuso Mkhize umuzi.

UMkhize owaziwa ngelikBritsh oneminyaka engu-73 ubudala washumpulwa umlenze nengalo ngenxa yokugula. Ingezansi lakhe likhubazekile kanti uhamba nge-wheelchair.

UMkhize uhlala yedwa emzini wakhe wodaka eSnatshing eMgungundlovu, njengoba ashonelwa wunkosikazi wakhe eminyakeni emihlanu eyedlule

OLUNYE UDABA:UMengameli uZuma uzovula ngokusemthethweni umgwaqo omkhulu eThekwini

Uyalala, apheke aphinde ageze egumbini elilodwa. Amanye amagumbi amabili awasebenzi njengoba abhidliza kulandela izimvula ezinamandla. Izindonga zinezimbobo kanti namawindi aphihlikile. Umakhelwane okhelela uMkhize amanzi ngoba akasenawo amapayipi amanzi kulandela ukwebelwa.

Eminyakeni emine eyedlule, uZuma ehamba nabanye ongqongqoshe, bavakashela uMkhize emzini wakhe bamthembisa ukumakhela umuzi. Uthi ikhansela lewadi uSipho Madonda nguye owabekwa nguMengameli ukuba aqiniseke ukuthi uwuthola ngokushehsa umuzi.

"Akukenzeke lutho. Bahamba kwaphela kanjalo. Akekho noyedwa owaphinde wabuya ezobheka ukuthi kuqhubekani," kusho uMkhize.

Uthi uMadonda wamtshela ukuthi uzomtholela umuzi azohlala kuwo okwesikhashana, kodwa nalokho akuzange kwenzeke.

"Akukho engingakwenza ukumsiza. Sisalindile," kusho uMadonda.

"Ngihamba ngewheelchair. phansi akuhambeki kahle kanti uma kumanzi ophansi kuba nzima kakhulu. Ukuya endlini encane kuba nzima ikakhulukazi uma lina izulu. Iwheelchaie iyodwa nje indala. Ngisele nale yodwa ngemuva kokuboleka umakhelwane wami le enye ebenginayo," usho njalo.

"Ngidunguza ebumnyameni...Okubuhlungu kakhulu wukuthi ngiyidoda yewheelchair. Ngabanethemba ngesikhathi umengameli efika.Ngaze ngatshelwa nokuthi yimi oyosukunyelwa kuqala. Lokho kwanginikeza ithemba elikhulu," kusho uMkhize.

Okhulumela ihhovisi likamengameli uBongani Nqgulunga ucele imininingwane kaMkhize kodwa ubengakabuyeli kwabezindaba iGroundUp.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.