UMessi ‘ufanelwe ukuwina iBallon d'Or minyaka yonke’

2016-12-21 11:31

Barcelona – Isikhwishikhwishi somdlali weBarcelona, uLionel Messi, kufanele awine indondo yomdlali ovelele emhlabeni, iBallon d'Or, minyaka yonke.

Lona ngumbono kaMengameli weBarcelona, uJosep Maria Bartomeu, kulandela ukukhala ngaphansi kukaMessi ekuwineni le ndondo njengoba esanda kubhinciselwa nxanye yimbangi yakhe enkulu yeReal Madrid, uCristiano Ronaldo.

OLUNYE UDABA: Kubhekwe uRonaldo ngendondo yomdlali ovelele emhlabeni

“IBallon d'Or kumele kube ekaMessi minyaka yonke njengoba engumdlali ovelele emlandweni webhola.

“Bakhona abanye abadlali abahle kodwa uMessi akungatshazwa ukuthi uhamba phambili,” kusho uBartomeu  ngoLwesibili.

URonaldo uhlwithe le ndondo yomdlali ovelele emhlabeni jikelele okwesine ngaphambilini kule nyanga, nalapho ehlule khona imbangi yakhe yeminyaka, uMessi, yena oseyiwine izikhathi ezinhlanu.

Lesi sinqumo sokuthi kuwiniswe uRonaldo sashiya kunemibuzo eminingi evela eqenjini iBarcelona, ikakhulukazi ngemuva komdlalo osezingeni eliphezulu kaMessi ngesikhathi bebhaxabula omakhelwane, i-Espanyol ngo-4-1, emdlalweni womkhaya.

Kodwa-ke uRonaldo wanqoba ngemuva kokusiza iReal Madrid ukuthi inqobe iChampions League waphinde wahola neqembu lakhe lesizwe, iPortugal, ukuba inqobe i-Euro 2016.

Eminyakeni eyedlule iBallon d'Or bekulokhu kushintshwana ngayo phakathi kukaMessi kanye noRonaldo ngemuva kokuthi yawinwa yintandokazi yomdlali waseBrazil, uKaka. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.