Umfana, 10, usesimweni esibucayi ngemuva kwengozi

2017-08-08 15:59

Durban - Umfana oneminyaka eyishumi ubudala ulimale kabi ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili ekuseni ekhoneni lika-Italian no-Ackerman eNewlands, entshonalanga nedolobha laseGoli.

Abe-ER24 bafike kule ndawo ngo-07:30 bathola lo mfana elele phakathi komgwaqo.

Imoto eshayise umfana ibiseceleni komgwaqo buqamama nomfana.

Abezimo eziphuthumayo bahlole isimo salo mfana kwatholakala ukuthi ulimale kabi ekhanda nasemlenzeni.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

"Lo mfana uhlengelwe endaweni yesigameko kusetshenziswa uhlelo olukhethekile lokuhlenga impilo. Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane," kusho abe-ER24 ngesitatimende.

Nomshayeli wemoto sihloliwe isimo sakhe kwatholakala ukuthi akalimalanga kodwa uthuke kakhulu.

Amaphoyisa abekhona kule ndawo futhi ephenya ngembangela yalesi sehlakalo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.