Umfana, 11, uthenge ucansi kumqwayizi, 31

2016-08-16 19:04

Bulawayo - Umfana oneminyaka engu-11 ubudala utshele imantshi ukuthi waqasha umqwayizi oneminyaka engu-31 ubudala ukuze ezozibandakanya naye ocansini izikhawu ezimbili.

Yize kunjalo u-Angeline Mawumidze uboshelwe icala lokuzibandakanya ocansini nengane. Wakhokhelwa imali elinganiselwe kwengu-R54 yokulala ngaphandle kwejazi lomkhwenyana nangokuligqoka.

OLUNYE UDABA: Umyeni ugwaze umkakhe ngoba enqabe benze ucansi

Laba bobabili bahlangana ekilabhini.

UMawumidze ugcinwe esitokisini njengoba kusaqhutshekwa nokuqulwa kwecala.

Ngokusho kweH-Metro uMawumidze uthe akazange ayicabange iminyaka yomfana ngoba wayezitshela ukuthi wonke umuntu mdala ekilabhini.

"Umsolwa wahlangana nale ngane ekilabhini ebusuku kanti iminyaka yinto engafikanga emqondweni njengoba kwaziwa ukuthi bonke abantu badala ekilabhini," kusho ummeli wakhe.

Lo mfana uthe, "Ngangisekilabhini ePagungwa, ngangidakiwe ngase ngibona yena edansa lapha.

"Ngaya kuye ngathi ngamnika imali engu yokuba sizitike ngocansi wase engithatha eyongifaka egumbini.

"Ngesikhathi silapho, saqala salala sisebenzisa ijazi lomkhwenyana kwathi okwesibili sangalisebenzisa.

"Ngesikhathi sisamatasa nenkonzo kwangena amaphoyisa asibona ase esithatha asisa esiteshini samaphoyisa," kusho lo mfana, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.