Umfana, 16, uzinikele emaphoyiseni ngokubulawa komfana, 8

2017-10-10 14:00

Port Elizabeth – Ibhungu elineminyaka engu-16 ubudala lizinikele emaphoyiseni kulandela ukutholakala kwesidumbu somfana, 8, ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Alwin Labans uthe isidumbu salo mfana sitholwe endleleni yesizulu eduzane nasedamini e-EXT 6 eMalabar, ePort Shepstone, ngemuva kwezithuba zabo-08:30 ngoMsombuluko.

"Isidumbu salo mfana sitholwe yizingane zesikole, okuyizo ezibikele amaphoyisa ngaso," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Uzinikele amaphoyiseni osolwa ngokubulala iphoyisa nomama walo

ULabans uthe le ngane, ehlonzwe ngumfowabo omdala ngelikaJamaine Jonathan, ibinamanxeba amabi ekhanda.

Uthe ibhungu lizinikele emaphoyiseni ngemuva kokutholakala kwesidumbu.

"Kusolwa ukuthi lo mfana ubehamba nomsolwa nabanye abantu ngeSonto ntambama," usho njalo.

ULabans uthe imbangela yesigameko ayaziwa okwamanje, kodwa kuphenywa icala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.