Umfana, 3, udephunwe yizinja washona kubo eMlazi

2016-05-17 10:02

Durban - Udephunwe yizinja washona umfana oneminyaka emithathu ubudala emzini osesigcemeni sakwa-M eMlazi, eThekwini.

Izinja zohlobo lwama-Pit bulls zihlasele u-Amukelani Bhengu ekhaya phambi kwamama wakhe obenganalusizo ovele wama wabuka izinja ziqeda ngengane yakhe.

Lezi zinja zidutshulwe ngamaphoyisa ngemuva kwesikhashana oskukwini.

OLUNYE UDABA: Umndeni kalowo obulawe yizinja egcekeni ukhungathekile

Le nhlekelele yenzeke ngezithuba zabo-09:00 ekuseni ngesikhathi u-Amukelani nomama wakhe bezama ukuziphakela.

Lesi sigameko silandela leso esenzeka eMgungundlovu ngesikhathi izinja zibulala umnikazi wazo naleso esenzeka eThekwini ePhoenix izinja zohlobo lwama-pit bull ezimbili ziluma ikhehla elineminyaka engu-89 ubudala ngenhlanhla lona lasinda.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uqinisekise isigameko wathi kuvulwe idokodo ukuze amaphoyisa aseMlazi ezophenya.

Okhulumela abeNetcare 911 uChris Botha uthe: "Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bafica ingane ilele phansi ekhishini inamanxeba asabisayo.

"Yize kunjalo imbiko iveza ukuthi ingane ihlaselwe yizinja egcekeni kodwa yabekwa endlini ngamalumngu omndeni."

UBotha uthe bafike endaweni yesigameko lo mfana eseshonile.

UGawie Grobler we-www.pitbullsa.co.za uthe ukuziphatha kwalolu hlobo lwenja kulele ekutheni iphathwa kanjani yona ngumnikazi wayo.

"Konke kumayelana nenhlonipho, uma inhlonipho ingekho nenja ayihloniphi. Azizona izinja ezilumayo lezi, izinja ezinothando," usho njalo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.