Umfana, 3, usindiswe wumfowabo elunywa yinja yasekhaya

2017-02-07 13:01

Brakpan – Kusize umfana oneminyaka eyisithupha ubudala elamulela umfowabo omncane elunywa yinja.

Lokhu kwenzeke eBrakpan ngoMsombuluko emini.

Ngokusho kukamama wezingane, izingane zilandwe ngu-anti ozigadayo esikoleni ngesikhathi le encane ihlaselwa.

“Ngithole ucingo oluvela ku-anti ethi sekulimele ingane kumele ngiphuthume ekhaya. Ngesikahthi ngifika ngithole ingane ilimale kabi ingalo yakwesokudla."

OLUNYE UDABA:Inja isindise umnikazi wayo elunywa ngenye inja

Ngokusho kukaLindokuhle, 6, okunguyena osize umfowabo, 3, ubesekhishini no-anti ebalungisela isidlo sasemini ngesikhathi ezwa umfowabo omncane ekhala ememeza.

“USbonokuhle ubedlala nenja eyifunza isinkwa, ngizwe esememeza ekhala, uma siphuma no-anti simubone elimele inja imluma. Ngibe sengajaha inja ngayishaya,” kusho lo mfanyana.

Lo mfana uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho athole khona ukwelashwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.