Umfana, 5, ube ngowokuqala omncane kunabo bonke e-Afrika ukufakelwa inhliziyo 'yewashi'

2017-08-02 13:59

Durban - Umfana oneminyaka emihlanu ubudala waseNewcastle kwaZulu-Natal uyingane yokuqala ukufakelwa inhliziyo esebenza ngomshini ukuze kusindiswe impilo yakhe.

IMaboneng Heart Institute, esesibhedlela iNetcare Sunninghill, ifakele uMnotho Mndebele umshini owaziwa nge-heart ventricular assist device (HVAD).

UMndebele ubesehlale esibhedlela izinyanga ezine esesimweni esibucayi kakhulu ngaphambi kokuba ahlinzwe ukuze afakelwe lo mshini.

OLUNYE UDABA:Usegunjini labagula kakhulu esibhedlela umlingisi wakuleli ohlinzwe inhliziyo

Udokotela okunguyena obehola ithimba lodokotela ebelihlinza lo mfana ngenyanga edlule, uDkt  Viljee Jonker, uthe iyamthokozisa indlela alulama ngayo lo mfana futhi makhulu amathemba okuba abuyele eNewcastle kuleli sonto.

“Sisebenzisane nodokotela abasebenza ngezinto ezahlukahlukene kulesi sibhedlela ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle futhi ululama kahle.

“Lo mfana ubegula kakhulu ngaphambi kokuba ahlinzwe yingakho kuthathe isikhathi eside ukululama kwakhe,” kusho uJonker.

Abe-Netcare bathi uMndebele uyisiguli esincane kunazo zonke e-Afrika ukufakelwa lo mshini ngisho nasemhlabeni jikelele ungowokuqala ukufakelwa umshini i-HVAD, kubika iThe Citizen.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.