Umfana, 6, ubulawe ezama ukuvikela unina ‘kumdlwenguli’

2016-08-15 07:32

Kimberley – Umfanyana oneminyaka eyisithupha waseNorthern Cape ushone eyiqhawe ngemuva kokubulawa ezama ukuvikela umama wakhe esigebengwini ebesifuna ukumdlwengula.

UKutlwano Garesape ugwazwe ngebhodlela washona kulesi sigameko.

Umama wakhe uSegomotso Garesape, 42, uthi namanje akakholwa ukuthi ingane yakhe ibulawe ngale ndlela, kubika iDiamond Fields Advertiser.

Uthi lesi sehlakalo senzeke ephelezela amadodana akhe amabili eya esikoleni ngoLwesihlanu ekuseni.

UGaresape uthi bashiywa yibhasi wase enquma ukuphelezela izingane zakhe ziye esikoleni bese edlulela emsebenzini.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana, 10, odutshulwe ekubo

Uthi yilapho ke okwathushuka khona indoda esikhaleni: “Yathi angiyinikeze u-R2 ngathi uma ngithi anginawo yabe isingidonsa ngezingubo, ngawa phansi.

“Yazama ukungigwaza ngebhodlela, izingane zami zazama ukungilekelela. UKutlwano wadabula le ndoda ngempama.

“Yilapho-ke le ndoda eyabe isiyeka mina, yagwaza indodana yami ngemuva kokuyinklinya,” esho.

Uthi le ndoda yayisimphakamisa isiketi ifuna ukumdlwengula, kepha wakwazi ukulwa.

Owamaphoyisa uCaptain Olebogeng Tawana, uthe le ndoda iyavela enkantolo ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.