Umfana, 6, ubulawe yibhasi eThekwini

2017-03-22 14:00

Durban – Umfanyana oneminyaka engu-6 ubudala ushonile kulandela ukushayiswa yibhasi eThekwini ngoLwesithathu, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela abakwa-Rescue Care, uGarrith Jamieson, uthi abosizo lokuqala bafike emgwaqeni u-Anett Drive, eReservoir Hills, ngemuva kwezikhathi zabo-08:00 ekuseni nalapho befike bathola khona ukuthi ingane ishayiswe yibhasi.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa ushone ngosuku lokuzalwa 'owashaywa' uthisha esikoleni

“Ekuhlolweni ngokwezempilo kwale ngane kutholakale ukuthi, ngebhadi, ingane ithole ukulimala okuningi okubucayi futhi ibisivele ishonile ngaphambi kokuba kufike abosizo lokuqala.”

Isizathu sale ngozi asikaziwa okwamanje, kodwa iziphathimandla zisaphenya.

Khonamanjalo kwesinye isigameko, kulimale abagibeli abangu-20 kulandela ukushayisana kwamatekisi amabili eThekwini ngoLwesithathu, kusho inkampani yonogada iMarshall Security.

La matekisi ashayisane ekhoneni lemigwaqo u-Acutt kanye North Coast Road, nokuholele ekutheni kube nesikhulu isiminyaminya sezimoto, kusho okhulumela iMarshall Security, uKyle van Reenen.

Isithombe sale ngozi sikhombisa enye yala matekisi icishe ilale ngohlangothi, kanti nesicabha besesihleli phansi.

Abagibeli bathole ukulimala okungatheni kanye nemihuzukwana, kusho uVan Reenen.

Amaphoyisa asazophenya imbangela yale ngozi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.