Abuja - Umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela e-Enugu, eNigeria, ngezinsolo zokubulala umfana, 12, afunda naye esikoleni.
Kuthiwa lezi zingane zombili bezidlala ngesikhathi le enye idubula le endala ngesibhamu, yase iyashona.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngelokubulala eKapa
Lesi sibhamu abeZIdlala ngaso kuthiwa ngesikamama walo mfana omncane.
Kuthiwa lo mfana uthole lesi sibhamu egumbini likamama wakhe.
Amaphoyisa abophe lo mfana, ase eyamdedela ngokuhamba kwesikhathi.
Lo mfana ube esebekwa icala lokubulala, wavela enkantolo.