Umfana,14, uphumele obala ngokuthandana nothisha wakhe

2018-03-02 10:59

New Smyrna Beach - Owayenguthisha esikoleni saseFlorida uboshiwe ngemuva kokuba abezomthetho bathole ukuthi waba nobudlelwano bokuya ocansini nomfana oneminyaka engu-14 isikhathi esingangezinyanga ezimbalwa.

Ngesikhathi salobu budlelwano uStephanie Ferri wayethumela lo mfana izithombe zakhe zobunqunu, emphathela ne-marijuana kanye namapayipi ayo ukuba babheme.

Ihhovisi lamaphoyisa aseVolusia County liveze ukuthi lomfana wayenza iBanga 8 ngaleso sikhathi esikoleni iNew Smyrna Beach, Florida ngaphandle kwaseDayton.

Amaphoyisa athu uFerri wayenokumema lomfana emzini wakhe ebusuku uma umyeni wakhe engekho esemsebenzini, futhi wayenokubonakala ehamba naye lomfundi ngemoto uma sebeqede ukuya ocansini.

OLUNYE UDABA:Uthisha ubanjwe oqotsheni enza ucansi nomfundi

Abaseshi bakholwa wukuthi ubudlelwano balaba baqala ngoNovemba 2017.

Lo mfana uthi uFerri wamxwayisa ngokuthi angayithi vu indaba yokuthandana kwabo nanokuthi waqala ukuba ntekenteke umsebenzi wakhe wesikole njengoba esethandana nothisha.

UFerri, 26, ubekwe amacala amabili okuphula umthetho kanye nokunikeza ingane izidakamizwa.

Amaphoyisa abikelwa ngalo mjolo ngoLwesibili ngesikhathi lo mfana etshela abazali bakhe nokuyibona abamhambise emaphoyiseni bamvulisa icala, kubika iWashington Post.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.