Umfelokazi ukhala ngoyisezala ofuna ukumngena

2017-02-12 13:34

eMpangeni -  Owesimame waseMpangeni unovalo lokuthi ubabekazi wakhe ufuna ukumngena njengoba esashonelwa umyeni wakhe.

UBongiwe Biyela, 27, uthi wayenobudlelwano ubuhle kakhulu nabasemzini wakhe kodwa konke lokho kwashintsha ngesikhathi eshonelwa wumyeni wakhe.

"Umyeni wami wadutshulwa wabulawa empini yezigodi ephuma emdlalweni ngoNovemba wonyaka odlule. Ngemuva komngcwabo wakhe, ngaphathwa yizibhobo ngagulela ukufa, abasemzini abazange banginake ngikulesi simo kwaze kwasiza udadewethu owangithatha ngayohlala naye nezingane zami ezintathu," kusho yena.

Lo wesimame uthi udadewabo wamsiza watholela izingane zakhe isikole eMandeni, kwathi kusenjalo abasemzini bazama ukumbuyesa bethi kumele afike nezingane ukuze bezokwenza umsebenzi womyeni wakhe.

"Siye simagange kanti siyozifaka esilingweni. Bafike bangithethisa bathi angikwazi ukuzilela ezintabeni, bathi asiyi ndawo. Kwale ngisho ngibancenga ukuthi badedele izingane zibuyele esikoleni eMandeni kodwa bazibuyisela esikoleni esidala eMpangeni," kubhubeka yena.

OLUNYE UDABA:Uthenjiswe umshado umfelokazi wowayengumethuli wezinhlelo

UBiyela utshele abeSolezwe ukuthi uyisezala wamtshela ukuthi uma eqhubeka nokudaza inkani uzoyolanda izinkomo zamalobolo kubo.

"Bayangiqalekisa bathi uma ngicabanga ukuhamba ngenkani ngizobuya ngebhokisi. Indlela ubabezala abhoke ngayo uma ngithi ngiyahamba sengisola nokuthi ufuna ukungenza unkosikazi wesithathu.

"Ngifuna ukuphuma ngihambe ngiyozamela izingane zami impilo engcono kodwa ngeke ngikwazi ngoba ngihlezi ngisongelwa ngaso sonke isikhathi"

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.