Umfundi, 25, ushaye uthishanhloko ngempama

2017-08-21 16:00

Durban - Kusabatshazwa isimanga esenzeke eKhusana Combined School, eMthandeni, KwaMaphumulo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal emuva kokuba umfundi wakwaGrade 11 eshaye uthishanhloko ngempama nangenqindi kwama nse ukufunda.

Kuthiwa isonto lonke eledlule bekungafundwa eKhusana ngoba othisha bethuswe yisigameko abasibonile uNduduzo Khanyile, 25, eshaya uthishanhloko.

Ngokuthola kweLANGA, inkosi yendawo uBoy Makhosini Gumede, ibize umhlangano womphakathi ngoLwesine ngoba ethi kasikho isikole esingavalwa isikhathi eside kangaka kungaxoxa kulungiswe izinto.

OLUNYE UDABA:Uthisha ushaye wabulala umfundi ongakhokhanga esikoleni

Umthombo waleli phephandaba uthi uthishanhloko uqonde ngqo kulaba bafundi wabathethisa ethi mababuyele emakilasini.

"Izingane zikwenzile lokho kodwa lo mfundi wabuza uthishanhloko ukuthi uyazi yini ukuthi yena angamshaya. Emuva kwalokho ingane idedele impama nenqindi yaze yayolanda induku ebisekilasini yalitheza phezulu kuthishanhloko," kusho umthombo.

Kuthiwa umzali walo mfundi ubekhona naye emhlanganweni ngoLwesihlanu kodwa akavunyelwanga ukuphawula ngoba besekubonakele ukuthi uyayivuna ingane yakhe.

Okunye okuvelayo wukuthi lo mfundi ubengawuphasanga umatikuletsheni nyakenye wacela ukuwuphinda kodwa wabuyiselwa kwaGrade 11.

Umthombo uthi ubuyiswa lo mfundi nje, ubesecatshangelwa ngoba iminyaka yakhe kayisamvumeli ukuba sesikoleni.

Inkosi uGumede ithe kuyiphethe kabi okwenzeke esikoleni kodwa kuxoxiwe bacelwa abazali ukuba bavumele abafundi babuyele esikoleni namuhla (ngoMsombuluko) ngoba nomhloli ufuna ukukhuluma nabo.

"Ingane imshayile impela uthishanhloko, okuyinto embi. Ngingenelile ngoba phela kakuyona into enhle ukuba izingane zingafundi," kusho iNkosi uGumede.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.