Umfundi uthi 'ubone umuntu ophenduke ikati' e-E Cape

2017-02-18 16:00

Mqanduli - Namanje odokotela basaPhenya ngemuva kokushona kwentombazane eneminyaka engu-16 ubudala nokungeniswa esibhedlela kwabafundi abangu-42 besikole esise-Eastern Cape.

Imibiko ithi abafundi, cishe onke amantombazane aneminyaka ephakathi kwengu-16 nengu-17 ubudala avele ahayiza angenwe namadimoni.

Kuthiwa lesi sigameko siqubuke ngemuva kokubonakala kwexoxo ebeligxumagxuma phakathi kwegumbi obekukhulekwa kulo esikoleni, lasabisa la mantombazane abesevele ethukile.

OLUNYE UDABA: Batholwe benecala kwelokukhipha amadimoni

Odokotela batshele abomnyango wezemfundo ukuthi imibiko yakamuva ayikacaci.

Kodwa, njengayo yonke eminye imiphakathi eseNingizimu Afrika, abazali abaningi bakholwa wukuthi kukhona okunuka santungwana.

Intombazane ekhulume nabezindaba i-eNCA ithe ibone into obekungacaci noma umuntu ophenduke ikati yini ehlezi ekhoneni lesikole, wathi kuyo akufanele engabe ilapha, kufanele engabe isemkhathini, ngemuva kwalokho ibe isiwa phansi yaphelelwa ngamandla yahayiza kakhulu kungathi kunento eyiphoqa ukuba mayihayize.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.