Umfundi 'uxoshelwe' ukubiza uthisha ngomnakwabo

2017-06-23 16:01

Durban - Ujika nelanga umfundi waKwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, oxoshwe esikoleni ngoba kuthiwa unengwe nguthisha wakhe wagcina ethi indlela amhlukumeza ngayo ungathi ngumnakwabo, kubika ILANGA.

UNokulunga Ngubo,17, obenza uGrade 11 eNdengetho High School, KwaNdengezi, sekuphele izinyanga ezintathu ehleli ekhaya njengoba isikole simbhalele incwadi simtshela ukuthi ngeke sikwazi ukumfundisa ngoba akezwani nomunye wothisha.

Ngokusho kukanina kaNokuthula, uSamkelisiwe Gumede, 36, - obezifikele mathupha emahhovisi ephephandaba – umntanakhe uze axoshwe nje esikoleni, indaba isuswe wukuhlanza isikole.

Uthi ngonyaka odlule umntwana ubuye esikoleni emakhekheba wonke umzimba, okuthe uma emyisa kudokotela wathola ukuthi le nkinga idalwa yikhemikhali okuhlanzwa ngayo esikoleni, engezwani nesikhumba sakhe.

Uthi ngakusasa unikele esikoleni ephethe incwadi kadokotela eyocela ukuba indodakazi yakhe bangabe besayinika le khemikhali okuhlwanzwa ngayo ngoba iyayilimaza.

“Ngicele ukuba bayenzise noma wumsebenzi wokushanela noma iqukule amadeski ngesikhathi kuhlanzwa isikole kodwa ingayithinti insipho eyigulisayo. Indodakazi yami ithi sekwenziwa imisebenzi yokuhlanzwa kwesikole ngakusasa, uthisha wayo ubehamba ememeza koveranda ethi kambe wena ufuna ukuphathwa ngendlela ehlukile kunabanye, hheyi uyajabula dade,” kusho umama uGumede.

Uthi kusanda kudlula lesi siwombe, babhalelwe izincwadi becelwa yisikole ukuthi bathengele izingane amaphepha okudweba, adingeka esifundweni seDrawing and Design.

Ngenxa yokuthi la maphepha abedayisa esikoleni kodwa ebiza khona njengoba ewu-R7 ikhasi, uthi ubone kungcono amthengele esitolo.

“Kuthe sekudwetshwa, lona wami umntwana esekhipha awakhe amaphepha, lo thisha wathi uzenza ngcono uwathengeleni amaphepha ngaphandle ngoba ayadayiswa esikoleni.

OLUNYE UDABA: Lithi lalizivikela iphoyisa elabulala umfana,17

“Kuthe sekuphela isigaba sesine sonyaka sekukhishwa imiphumela, yabuya ithi ufeyilile. Ubengakaze afeyile esikoleni selokhu kwathi nhlo. Ngicele ukuba baphinde bawamake amaphepha akhe, uthishanhloko wathi sekuyavalwa, bazokwenzanjalo uma sekuvulwa izikole.”

“Kuthe sekuvulwa izikole, bawamaka bathola ukuthi uphasile, baxolisa bathi kwenzeke iphutha. Bamdlulisela phambili.”

Lo mama uthi ngemuva kwalesi sigameko ubizelwe esikoleni kodwa wangaphumelela ngenxa yokungabinaso isikhathi ngosuku ayedingeka ngalo, waze waya ngakusasa.

Uthi uthishanhloko umtshele ukuthi sebethathe isinqumo sokuba ingane bayishintshele kwesinye isikole ngoba iluhlaza, kayizwani nothisha wayo.

“Sengibuza ukuthi yenzeni njengoba ngingakaze nje ngibizelwe umhlangano, ngitshelwe ukuthi uthe kuthisha wakhe umhlukumeza sengathi ungumnakwabo. Ngakho uthisha uthe ngeke esakwazi ukuyifundisa."

Uthi esikoleni bamtshela ukuthi ingane yakhe akayoyifunela isikhala esikoleni esiseClermont, kanti yena ukhala ngokuthi lesi sikole sikude, njengoba kuzodingeka akhokhe u-R50 ngelanga, ngokugibela.

Uthi umkhandlu owengamele isikole kawumsizanga.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uKwazi Mthethwa, ugxeke umzali ngokuhlala isikhathi eside kangaka nalolu daba.

Uthi uma umzali engasizakali ehhovisi lesifunda akeze kubona eMgungundlovu.

“Akekho uthisha onelungelo lokuxosha umfundi ngoba lokho kuphambene nenqubomgqomo yoMnyango ethi amasango emfundo avuleleke kuwona wonke umuntu. Uthishanhloko ungubani-ke yena ongaphikisa lo mgomo?

“Umsebenzi kathisha esimqashele wona ukufundisa.”  

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.