Umfundi waseKapa uquleke washona evakashele eVietnam

2017-12-11 07:07

Cape Town – Intombazane yaseKapa ishayeke phansi yashona ngesikhathi ihambele kwelaseVietnam iyofunda ngezomlando, lokhu kuqinisekiswe wumnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe.

“Sibuhlungu kakhulu ngokushona kukaShannen Rustin, umfundi owenza iBanga 11 esikoleni iWesterford High School," kusho uNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe uDebbie Schafer.

OLUNYE UDABA:Umfundi, 25, ushaye uthishanhloko ngempama

UDebbie udlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani bakaRustin.

Ngokwemibiko evela kumholi walolu hambo uRustin ubeyingxenye yabafundi abangu-32 abenza iBanga 11 kusukela kulesi sikole abathathe uhambo lweSouth East Asia oluwale ngomhlaka 3 kuya kumhlaka 19.

Laba bafundi bavakashele amazwe iVietnam, Cambodia kanye neThailand bephelezelwa wothisha ababili kanye nomzali oyedwa.

UGordon Brookbanks, ohola leli qembu uthe ngoLwesihlanu ekuseni abafundi bathathe uhambo lwamabhayisikile ngasehhotela abalala kulo eHoi An, Vietnam.

Abanye abafundi bebengakwazi ukugibela lawa mabhayisikile, babuyela emuva ngesithuthuthu.

“UShannen ushiye phansi ibhayisikile wahamba ngesithuthuthu ukuya ehhotela, ubethokozile exoxa engenalutho,”kusho yena.

Uthi ubizwe ngo-9h10 ekuseni abafundi bethi uShannon uqulekile, bamphuthumise esibhedlela esiseduze lapho afike ashonela khona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.