Johannesburg – Umfundi wezindaba kuMetro
FM uRefiloe Mpakanyane useqinisekisile ukuthi wesulile emsebenzini ngemuva
kokuhlala ne-SABC iminyaka engu-11.
UMpakanyane ubefunda izindaba ohlelweni lukaTbo Touch –
naye osanda kwesula kulesi siteshi, kubika iTimeLive.
Ebuzwa ukuthi ngabe ukuhamba kwakhe kuhlobene
nokukaTouch, uMpakanyane uthe bese kufike isikhathi sokuthi ashiye kulo
msakazo.
OLUNYE UDABA: Waxoshwa uBonang - Metro FM
“Bese kufike isikhathi, ngiyihlonipha kakhulu i-SABC.
Ngayijoyina ngiphuma esikoleni ngakho ngicabanga ukuthi lubalulekile ushintsho,”
esho.
Uthe lesi sinqumo usithathe ngokubheka impilo yakhe yangasese
kanjalo nomndeni wakhe.
Akazange enabe kakhulu ngekusasa lakhe, kepha uthe
umsebenzi azobe ewenza uzodala ukuthi alokhu engena ephuma kuleli.