Umfundisi odabuka eNigeria usazohlala ezikhindini

2017-07-24 12:34

Port Elizabeth – Umfundisi waseNigeria obhekene necala lokushushumbisa abantu, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokudlwengula amantombazanyana usazoke alinde isikhathi esingaphezu kwenyanga ngaphambi kokuba athole ithuba lokuchazela inkantolo ukuthi kungani kumele adedelwe ngebheyili.

Lo mfundisi webandla elizinze eThekwini, usolwa ngokushushumbisa amantombazane kanye nabesifazane abangaphezu kuka-30, abathatha emagatsheni ehlukene ebandla lakhe.

Selokhu agcinwa esitokisini ngesikhathi eboshwa esikhumulweni sezindiza ePort Elizabeth ngo-Ephreli 20. 

Umfundisi ubekhona enkantolo ngoMsombuluko ekuseni nakuba bekuhlelwe ukuba lolu daba luqhubeke esesitokisini ebukela kumabonakude.

OLUNYE UDABA: Ifukulwe amaphoyisa indoda ebidakwe kakhulu

Utshelwe ukuthi isicelo sakhe sesibili sebheyili sizolalelwa ngo-Agasti 29.

Umshushisi woMbuso uZelda Swanepoel utshele inkantolo ukuthi lolu yilona usuku iMantshi uThandeka Mashiyi kanye noMbuso abazobe bekhona ngalo.

Ummeli kammangalelwa uJames Riley uthe nakuba ikhasimende lakhe lidumele ngokubambezeleka kwalolu daba, kodwa akukho obekungenziwa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.