Umfundisi ulahlekelwe wu-R2m ezama ukuhlawulisa uMbuso

2018-02-02 12:30

eGoli -  Umfundisi owaboshelwa amacala okukhwabanisa ngokushisa isakhiwo esiseceleni kwesonto ngaphandle kwemvume yomnikazi webhilidi uselahlekelwe imali engango-R2 million.

IJaji uSheila Mphahlele likhiphe isinqumo enkantolo eNkulu yasePitoli ukuthi ukuboshwa kukaMfundisi uSunday Victor Adeoye ngoDisemba 2014 kwakusemthethweni.

Leli jaji lithi abomthetho bebefanele ukuba bamsole ngokwenza inkohlakalo yize amacala abuye ahoxiswa.

U-Adeoye, ongumfundisi ebandleni i-Voice of Hope Ministries ePitoli, wabophisa abomthetho ngokuthi bamhlambalaza, bamthusa futhi wezwa ubuhlungu, walahlekelwa nayisithunzi kanye nenkululeko yakhe waphinde walahlekelwa yiholo ngokuboshwa kwakhe.

OLUNYE UDABA: Umfundisi 'udlwengule' wakhulelisa ingane ekhubazekile

Emaphepheni awafake enkantolo, lo mfundisi uthi washaywa futhi wahlanjalazwa ngesikhathi eboshwa.

Uthi isimo sempilo yakhe sabekwa engcupheni ngezinsuku azichitha evalelwe ejele ngoba ezinye iziboshwa zazilokhu zibhema zingaqedi futhi wancishwa ngisho namanzi, walaliswa phansi ngezingubo ezinukayo.

Lo mfundisi ubuye waveza ukuthi walahlekelwa yiholo elingango-R60 000 kukho konke lokhu.

Lo mfundisi wayesolwa ngenkohlakalo ngemuva kokuthi owesimame ayemkhokhele u-R50 000 wokuqasha ibhilidi eyelisebenza njengendawo yokudlela eduze kwesonto, embophisile.

Lo wesimame uthi ngesikhathi eyobona lo mfundisi esitokisini, wamncenga ukuba ahoxise amacala omvulele wona, uzoyikhokha yonke imali yakhe aze amnikeze nanemoto ayemthembise yona, kubika iThe Citizen.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.