Umfundisi uthi usindiswe yiculo ehlaselwa yinyoka

2016-05-03 13:30

Johannesburg - Umfundisi Shadrack Mabasa ukholwa wukuthi iculo i-In Your Presence eliculwa nguBenjamin Dube limsindise ehlaselwa yinyoka.

Lo mfundisi webandla iBack to The Cross Ministries eThohoyandou eLimpopo uthe wayelalele iculo emotweni yakhe ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi efikelwa umzuzu wokuma agcwalise ithangi likaphethiloli.

Ngesikhathi ema esigodini iSaselamani eMalamulele eLimpopo wavula isicabha semoto kwase kuphuma inyoka.

OLUNYE UDABA: Uyaphefumula odlise umzwalwane inyoka

"Ngesikhathi leli culo lidlala izulu livele lavuleka ngathintwa wumoya oyigcwele," usho njalo.

"Ngesikhathi ngima amehlo enyoka abebheke kumina ngqo, engigqolozele."

UMabasa ukholwa wukuthi le nyoka ibilinde isikhathi esikahle sokumhlasela.

Lo mfundisi utshele abeDaily Sun ukuthi ubenomhlangano nabalaphi bendabuko eXukundu Village.

"Ngemuva kokugcwalisa uphethiloli ngibone umsila wenyoka ngemuva kwethayi elisemuva. Yase ishushuluzela ngaphambili."

Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala wayishaya yafa ngocingo.

"Bengisaba kodwa uSifelani Chauke wathatha ucingo wayibulala le nyoka.

UChauke uthe kuyamjabulisa ukuthi ukwazile ukusiza umfundisi kanti futhi ukholwa wukuthi okuhle akwenzile kuzomvulela iminyango ezulwini.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.