Umfundisi uwaphikile amacala okudlwengula amantombazane amancane

2017-08-30 18:00

Tzaneen - Umfundisi uConfidence Monyela, 32, waseMariveni village eduzane naseNkowankowa ngaphandle kwaseTzaneen, uwaphikile amacala amahlanu okudlwengula nelilodwa lokunukubeza ngokocansi.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi evele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseLenyenye ngoLwesibili.

UMphrofethi Monyela weProphet Ministry Church, eBurgersdorp, waboshwa ngomhlaka-25 Agasti ngamalungu eFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit, eTzaneen. 

OLUNYE UDABA:Umfundisi 'udlwengule' wakhulelisa ingane ekhubazekile

Usolwa ngokudlwengula amantombazane amahlanu; eneminyaka engu-12 ubudala, amabili aneminyaka engu-14 ubudala neneminyaka engu-16 ubudala.

UMonyela kusolwa ukuthi lezi zingane ubezithandazela ngayinye egumbini thizeni bese eyazihlasela, azidlwengule.

UMonyela uthi yena umsulwa, wakhelwe uzungu ngomunye umfundisi angaboni ngasolinye naye.

UMonyela uzogcinwa esitokisini, kuqhutshekwe nophenyo ngaphambi kokuba afake isicelo sebheyili.


 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.