Umfundisi waseThekwini uthi uyazisola ngokubulala owesifazane

2016-05-04 13:29

Johannesburg – UMfundisi uLungisani Mafu ubhoboke wakhuluma okokuqala ngqa ngecala lokudlwengula nokubulala owesifazane, ngemuva kokubhadla ejele iminyaka engu-15.

Kuthiwa lesi sigameko wasenza phakathi kojantshi besitimela eFynnlands, eThekwini, kanti lokhu kuphume eqopha i-DVD yokukhuthaza eThekwini Community Church.

Iphephandaba iDaily Sun libike ukuthi uMafu ukhulume ngalolu daba wathi akasakhumbuli lutho olwenzeka ngalelo langa.

“Ngabulala owesifazane owayengenacala. Ngangicwile ezinkambanei zikaFaro ngakho angisakhumbuli lutho olwenzeka ngalelo langa.”

OLUNYE UDABA: Umfundisi ezinsolweni zokuzama ukubulalisa ‘abafafaza amanga ngaye’

Lo mfundisi uthi yize azama ukubalekelana nengalo yomthetho, amaphoyisa agcina embambile nabanye abane ayehamba nabo.

“Ngathi uma ngivuka ekuseni izingubo zami zigcwele igazi. Ngabe sengiya ekubhaceni, kepha amaphoyisa angithola,” kusho lo mfundisi.

UMafu uthi wake wazama ukuxhumana nomndeni wesisulu ukuze axolise, kepha kwangathela zithelo.

“Ngithanda ukuxolisa kulo mndeni esidlangalaleni kanjalo nabanye abantu engake ngabona. Lapho bekhona kumele bazi ukuthi ngiyazisola kakhulu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.