Umgadli wase-Argentina uzozilolonga neKaizer Chiefs

2017-07-21 15:59

Johannesburg - Umdlali wase-Argentina uJonathan Javier Philippe uzozilolonga nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs uma isibuya emdlalweni wayo neTownship Rollers, eBotswana, kubika iKickOff.com.

IChiefs izodlala nezinkunzi zaseBotswana eFrancistown ngoMgqibelo ntambama emdlalweni oyingxenye yamalungiselelo okuqala kwesizini.

Ngemuva kokutheleka kuleli ngoLwesine ephuma e-Argentina, uPhilippe unikezwe isikhathi sokuba aphumule kunokuba ahambe neChiefs.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke abuyele ku-United obebolekwe iPirates 

Lo mgadli omude – oseke wadlalela nezinkunzi zase-Argentina iBoca Juniors – useke wadlala naseGreece edlalela i-Agrotikos Asteros.

Waphinde wadlala e-El Salvador, Colombia, Paraguay naseSwitzerland.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala alikho iqembu abenenkontileka nalo ngaphambi kokufika kuleli kanti uzosayina uma esehloliwe kodwa kubikwa ukuthi uwuhlobo lomdlali ofunwa yiChiefs.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.