Umgadli weChiefs usesayinwe elaseKZN

2017-07-21 17:59

Johannesburg – Iqembu laKwaZulu-Natal, iRichards Bay FC, selisayine umgadli weKaizer Chiefs, osemncane, ngesivumelwano sokubolekisa esizoqhubeka kuze kuphele isizini, kubika iKickOff.com.

Le kilabhu esanda kusungulwa edlala esigabeni seNational First Division, nengene esikhaleni obekudlala kuso AmaZulu, iyaqhubeka nokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuba kuqale isizini entsha, nezoqala ngomhlaka-18 ku-Agasti.

Yize noma u-Itumeleng Shopane ebekhona ngesikhathi ezikaSteve Komphela zithatha isicoco seBokone Bophirima Maize Cup ngempelasonto, kodwa usejoyine ozakwabo abasha KwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke abuyele ku-United obebolekwe iPirates

“Sesisayine umgadli ovela kuKaizer Chiefs – u-Itumeleng Shopane – ngesivumelwano sokubolekisa esizodonsa isizini,” umnikazi wale kilabhu, uSifiso Biyela, utshele iKickOff.com.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ubeyingxenye yesikwati saMajita esihlungelwe imidlalo yeNdebe yoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kwengu-20 ubudala ngaphambilini kulo nyaka.

Ngaphezu kwalokho, i'The Natal Rich Boys' isiphinde yasayina nabadlali ababili beMamelodi Sundowns, uKhayelihle Shozi kanye noSphelele Mkhulise, kanjalo noZola Jingxi, uNjabulo Ngcobo kanye noSimphiwe Lumkwana ngesivumelwano sokubolekisa bevela kuSuthu.

Lowo owayengumdlali wasesiswini weStellenbonsch FC, uStanely Muishond, kanjalo nalawo owayengunozinti weThanda Royal Zulu, uXolani Ngcobo, kanye nesitobha se-Orlando Pirates, uSandile Mthethwa, nabo bayingxenye yesikwati sikaRoger Sikhakhane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.