Umgadli weChiefs uvikela uKomphela ngokuboza kwekilabhu

2017-08-29 12:31

Johannesburg - UBernard Parker ongumgadli weKaizer Chiefs uvikela uSteve Komphela ongumqeqeshi wale kilabu osenuka iqaqa kubalandeli bayo.

UKomphela akasathandwa kulezi zinsuku ngabalandeli beChiefs njengoba bethi makahambe. Bathi usehlulekile wukwenza umsebenzi awuqashelwe wokunqoba izinkomishi.

Bakusho lokho nje , yingoba iChiefs sekuphele amasizini amabili elandelana ingazinqobi izinkomishi okuyinto abalandeli bale kilabhu abangayizwisisi kahle.

UKomphela uzandisele isigcwagcwa ngesikhathi le kilabhu ikhishwa yiSuperSport United ngo-1-0 kwi-quarter-final yeMTN8 emasontweni ambalwa edlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Abalandeli bazwakalise ilaka labo iChiefs isiphinda ihlulwa yiSuperSport United ngo-2-1 kowe-Absa Premiership eFNB Stadium, eSoweto.

Bamemeze kuzwa izwe lonke bethi uKomphela makahambe.  Kumanje kuthiwa izikhulu zeChiefs zishayisana ngamakhanda ngodaba lwakhe.

OLUNYE UDABA: Iqembu lichithe isicelo sofunwa uPitso

UParker, ongomunye wabagadli beChiefs naye abangasamuziswisi kahle abalandeli bale kilabhu, uthi uKomphela akanacala, yishwa nje elilandela le kilabhu.

“Ngiyakuqonda ukuthi abalandeli kabaneme ngemiphumela yethu yakamuva, nathi ngokunjalo kasijabulile neze ngayo. Kujwayelekile ukuthi uma ikilabu ingenzi kahle bese kukhonjwa umqeqeshi ngomunwe kodwa kulokhu umqeqeshi anakacala.

“UKomphela usebenza kanzima ukuze ikilabhu ithole imiphumela egculisayo yikhona nje ukuthi inhlanhla iyasiphika. Uma ubuka yomibili imidlalo yethu neSuperSport sidlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu kwaphika yona inhlanhla. Ngesinye isikhathi uyalufela ubala, kulokhu umqeqeshi wethu ufela ukungabi nanhlanhla, iyona esasifulathele,” kusho uParker.

“Sizama ngawo wonke amandla ukulungisa isimo, sisebenza ngokuzikhandla ejimini. Ngethemba lokuthi leli khefu esinalo lizosinika ithuba elanele ukulungisa lesi simo. Siyaxolisa kakhulu kubalandeli ngalokho okwenzekayo.” 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.