Umgadli wele-PSL umataniswa neChiefs

2017-10-24 18:00

Durban - IKaizer Chiefs okungenye yamakilabhu ahlonishwayo ebholeni lakuleli imataniswa nomgadli ovutha engabaselwe kwi-Absa Premiership.

IziMpofana ziphumele obala ukuthi zisemkhankasweni wokuthungatha umgadli. Zikubeke kwacaca ukuthi zimfuna kuleli nangaphandle kwakuleli, kubika ILANGA.

Selokhu zimemezele ukuthi zifuna umgadli azikamtholi yize bekhona abafikayo bezozama inhlanhla kodwa bachithwe. Nalabo le kilabhu ebathengile kuqala isizini abakhombisi ukuba bukhali njengoba kuvele imibiko yokuthi khona abasazochithwa uma sekuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari, okubalwa kubona uRyan Moon obesuka kwiMaritzburg United.

Leli phephandaba lihabule ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi umqeqeshi wale kilabhu uSteve "Mphathi" Komphela uphakamise igama likaRodney Ramagalela ongumgadli wePolokwane City ukuba athengwe yile kilabhu uma sekuvulwe leli windi lokudayiselana ngabadlali.

URamagalela uvutha engabaselwe kulezi zinsuku njengoba engalibheki ipali. Lo mdlali akamusha ebholeni lakuleli njengoba eke wasayiniswa yikilabhu enkulu kuleli iMamelodi Sundowns kodwa wangenza kahle kuyona.

OLUNYE UDABA: UPitso uphendule umdlali othe iSundowns inwabuluka kakhulu

Uqale ukugqama esedlalela iBlack Leopards nalapho agcine ebizelwa khona eqenjini lesizwe lika-Under 23 ngo-2011.

Leli phephandaba libuza uBobby Motaung oyinemenja jikelele yeChiefs ngalolu daba uthe: "Angeke ngikwazi ukuphawula ngabadlali abanezinkontileka namakilabhu abo.

"Ngingaqinisekisa ukuthi umgadli sisamdinga njengoba wonke umuntu azi ukuthi asikamtholi. Kodwa-ke lokho akusho ukuthi kufanele ngikhulume ngabadlali bamanye amakilabhu," kusho uMotaung.

URamagalela uthi angakujabulela ukuphinde athole ithuba lokugijima ekilabhini enkulu.

"OkweChiefs bekungakafinyeleli kimina kodwa lokho akuchazi ukuthi yinto engekho ngoba ngeke wazi yibhola leli. Kodwa-ke ngingakujabulela ukuphinde ngidlale ekilabhini enkulu.

"KwiSundowns angihlulekanga, angikholwa ukuthi nganikezwa ithuba alanele ukuzibonakalisa kuyona," kusho uRamagalela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.