Umgadli wePirates uphika eyokusayina kwiSundowns

2018-02-27 14:00

Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates uJustin Shonga umile kwelokuthi akaze asayine nkontileka neMamelodi Sundowns ngaphambi kokujoyina iBhakabhaka.

IPirates neSundowns kwakubukeka bezothathelana izinyathelo zomthetho ngemuva kokuba umqeqeshi weDowns uPitso Mosimane ethe uShonga wayesevumelene neqembu lakhe ngezinto ezithize ngaphambi kokuba athathwe yiPirates ngoSepthemba wangonyaka odlule.

Nakuba kunjalo, ukukho okuseke kwenzeka kanti futhi lo mdlali waseZambia usezinzile eMayfair njengoba esevalele amagoli amathathu waphinde wabanesandla kwamanye amane kuleli qembu selokhu efikile.

"Angikaze ngiyisayine i-pre-contract neSundowns," kusho uShonga, oshaye amagoli amabili behlula iChippa United ngo-4-2 eNelson Mandela Bay Stadium ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi ucelwe ukuba aphawule ngokuphawula akwenze ngonompempe

"Ngahamba ngayobavakashela, basikhombisa inkontileka. Ngathi ngizobuya ngizobajoyina ngoJanuwari kodwa kwase kufika iPirates, ngabe sengicabanga ngokubaluleka kokuthola ijezi.

"Umqeqeshi [uMilutin Sredejovic] wakhuluma nami, wayefuna ukungiletha lapha. Ngabona ukuthi iSundowns inesikwati esihle futhi sekuneminyaka eminingi isikwati sayo sindawonye."

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala uqhube wathi: "Nakhona ngangizolithola ithuba lokudlala kodwa ngakhetha iPirates. Kodwa ngoba isikhathi sokudlala sisekhona ngisangayidlalela iSundowns."

UShonga kulindeleke igadle ngaye iPirates emdlalweni wabo neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo (15:30).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.