Umgcinimafa ebandleni eliseRichards Bay uwavumile awokuqola ibandla

2017-09-08 07:00

eRichards Bay - Owesilisa owayengumgcinimafa webandla laseRichards Bay ubhekene namacala angu-26 okukhwabanisa.

Lo mlisa uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay ngoMsombuluko lapho ewavume khona amacala okweba kanti kulindeleke ukuba agwetshwe ngomhlaka-29 kwephezulu.

Ngokubika kwephaphandaba lomphakathi i-Zululand Observer lo mlisa waboshwa ngoSepthemba wangonyaka odlule.

UDavid Veersamy Naidoo, 47, waboshwa ngonyaka odlule wabekwa amacala okuqola amalungu ebandla ayekhokhele uhambo oluya kwa-Israel.

Lo msolwa ubengaphandle ngebheyili ka-R10 000.

OLUNYE UDABA:'Unkosikazi unekele ibandla amahlazo omfundisi waseDBN'

UNaidoo ongusihlalo webandla iLiving Stones Baptist Church eBrackenham wayehlela lolu hambo lapho umuntu ngamunye ubekhokha imali engango-R16 500.

Ngesikhathi uhambo lungasaphumeleli, umsolwa wahluleka ukubuyisa imali yamalungu ebandla ayesekhokhile.

Ngokohlu lwamacala abhekene nawo, lo msolwa wakhwabanisa imali elinganiselwa ku-R632 500.

Kuthiwa amalungu ebandla ayelokhu efaka imali kwi-akhawunti yebandla nakwenye i-akhawunti osekuvele ukuthi ingeyesihlobo sakhe.

Ngaphezu kwalokho, umsolwa ubezibhalela amasheke ngegama lebandla bese eyowashintsha.

Ngesikhathi amalungu ebandla ethola ukuthi uhambo kanye nezindawo zokulala ezibhukhwanga, afuna imali yawo ngo-dli, kodwa umsolwa wakhipha kuphela imali engango-R161 000.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.