Umholi we-NFP ukwamukelile ukusula kwamalunga aphambili

2016-07-04 10:02

Durban – Umholi we-National Freedom Party uZanele kaMagwaza-Msibi ukwamukele ukusula kwabaholi ababili baleli qembu, kubika i-African News Agency.

“Njengomengameli we-National Freedom Party, ngiyakwamukela ukusula ezikhundleni kukasihlalo uMnu Maliyakhe Shelembe kanye nonobhala kuProf Nhlanhla Khubisa,”kusho yena ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:I-NFP iphika eyokuthi ngeke ibe yingxenye yokhetho

“Laba baholi bafake izincwadi zabo zokusula ezikhundleni ngoMgqibelo nangeSonto futhi zombili ngizamukele.”

Ukusula kwalaba bobabili ezikhundleni akulimangazi iKomidi likazwelonke elisebenzayo laleli qembu ngoba bekubanjwe umhlangano ngoMgqibelo.

Kulo mhlangano bekudingidwa izinkinga ezinkulu ezibhekene naleli qembu nokuhlanganisa ukuhluleka kwaleli qembu ukungenela ukhetho lomasipala.

Inkantolo yezokhetho isikuqinisekisile ukukhishwa kwaleli qembu okhethweni lwakulo nyaka kulandela ukuhluleka ukukhokha imali yokhetho ngenyanga edlule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.