Umholi wophiko lwentsha uxolisile ngokugxeka isikhulu samasosha

2017-11-16 18:00

Johhannesburg - Umholi wophiko lwentsha lweZanu-PF uKudzai Chipanga wenze obekungalindelekile edlulisa ukuxolisa ngokugxeka kwakhe ubuholi bamasosha ngaphambi kokuba athathe izintambo zombuso eZimbabwe.

UChipanga oweseka kakhulu uMengameli Mugabe nomkakhe uGrace uthe akaphoqwanga ukuba axolise ngokugxeka kwakhe isikhulu sombutho wezokuvikela eZimbabwe uGeneral Constantino Chiwenga.

UChipanga wayesola isikhulu samasosha ngokudelela uMthethosisekelo, waze wathi bakulungele ukufa bevikela uMugabe.

OLUNYE UDABA: UMugabe uzonikela ngamandla kungekudala - Umbiko

UChipanga uxolise esiteshini sikamabonakude soMbuso ngoLwesine ekuseni.

Uthe: “Ngicela uGeneral Chiwenga ukuba akwamukele ukuxolisa kwami, ngixolisela uphiko lwentsha, ngiphinde ngizixolisile nami uqobo. Sisengabantu abasha, sisakhula. Sifunda ngamaphutha ethu, futhi ngaleli phutha sifundile ngalo.

“Ngifuna ukugcizelela futhi ukuthi lokhu engikushoyo angiphoqwanga ukuba ngikusho. Kuzomele siphinde sizame ukuhlangana nomkhuzi wamasosha siyoxolisa.”

- SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.