UMike Mabuyakhulu usevelile enkantolo ngelokukhwabanisa

2018-02-07 14:01

Durban - Udedelwe ngebheyili ka-R50 000 oyisikhulu se-ANC obhekene namacala okukhwabanisa KwaZulu-Natal.

UMike Mabuyakhulu onguMgqugquzeli kwiThimba elisebenzayo KwaZulu-Natal ubhekene namacala enkohlakalo kanye nokushushumbisa imali.

UMabuyakhulu owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho kanye nezokuVakasha kulesi sifundazwe uvele ngaphambi kweNkantolo ePhathelene neziMali eThekwini ngoLwesithathu.

UMabuyakhulu usolwa ngokwamukela imali engango-R28 million ngesikhathi esanguNgqongqoshe nokwakuyimali yeNorth Sea Jazz Festival eyagcina ingenzekanga ngo-2012.

OLUNYE UDABA: Asikho isidingo sokutatazela ngolukaZuma - Magashule

Inkantolo izwe ukuthi izinkampani ezaziphethwe ngomunye umsolwa zakhokhelwa ngalo mcimbi, yize ungazange uqhubeke.

Amacala ababhekene nawo abandakanya inkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba kanye nokushushumbisa imali.

UMabuyakhulu uke wabangoMgcinimafa kwinhlanano i-ANC ngaphambi kokuba aphakanyiselwe esikhundleni sokuba wuMgqugquzeli ngemuva kokuba kuhlakazwe ubuholi balo mbutho obuholwa nguSihle Zikalala KwaZulu-Natal.

UMabuyakhulu wayeyingxenye yekhempu kaSenzo Mchunu, eyakhala ngaphansi kule nkomfa yango-2015.

Ubekhankasela uCyril Ramaphosa ngesikhathi kubhekwe enkomfeni yokuqokwa kobuholi be-ANC ngoDisemba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.