UMinnie usephawulile ngesithembiso somshado

2016-12-15 14:30

Cape Town – Isiphalaphala sentokazi esiphinde sibe ngumethuli wezinhlelo kumabonakude, uMinnie Dlamini, usephawulile kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi usethenjiswe umshado yisoka lakhe.

UMinnie utshele iThe Juice ngesinqandamathe sakhe wakhuluma nangendandatho yakhe kanokusho eshiye abantu bengawuvali umlomo, ubuzwe ngokuthi useqalile yini ukuhlela umshado wakhe.

OLUNYE UDABA: Uthi uzoziduduza ngokuphuza uCassper ngoba ephunyukwe uMinnie

Ihambe kanje ingxoxo yeThe Juice noMinnie:

Sekunezinsukwana manje uthenjiswe umshado. Uzizwa kanjani?

 Ngijabule ngiyafa. Inhliziyo yami iyamamatheka!

Ubusuqalile ukuhlelela umshado?

Ngisanda kuthenjiswa umshado. LOL

Sitshele ngendandatho, ibukeka imangaza!

Yenziwe uJenna Clifford. Yenzelwe mina futhi yinhle ngendlela emangalisayo!

Chaza ngesoka lakho ngamagama amathathu?

Uyamangalisa, unamahloni, ungijabulisa ngokwedlulele!

Zibukele indandatho yesethembiso somshado kaMinnie lapha:

???????? I said yes ??

A photo posted by Minnie (@minniedlamini) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.