UMinnie washiya umsebenzi waphuthuma ekhaya

2016-08-14 14:03

Durban - Isiphalaphala sakuleli esingumethuli wezinhlelo kumabonakude uMinnie Dlamini ushiye phansi umsebenzi ngemuva kokuba izigebengu zizame ukugqekeza kubo eThekwini.

Lesi sihlabani esingumethuli wohlelo lwezemidlalo iSoccer Zone bekufanele sethule uhlelo emsakazweni iPower FM ngoLwesibili ntambama njengengxenye yokugubha usuku lwabesiFazane kodwa asizange siphumelele, sathi kukhona okuphuthumayo okuvele ekhaya.

OLUNYE UDABA: Video: Usaziwayo uthengele abazali bakhe i-BMW

UMinnie washiya umsebenzi ngemuva kokwaziswa ngezigebengu ezizame ukugqekeza emzini wamawakhe eThekwini.

UMinnie watshela abaphathi besiteshi namaphrojusa ukuthi angeke esaphumelela estudio ngemuva kokubatshela ngesigameko, kusho owe-SABC.

"Bekufanele ahambe ngokushesha ngemuva kokubikelwa ngalomshophi owehlele umama wakhe, eyokweseka unina owayeshaqekile ngenxa yezigebengu."

Kukholakala ukuthi umama kaMinnie uQueen wayesendlini ngesikhathi izigebengu zizama ukungena emnyango nasemaqindini, kubika iSunday World.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.