Umisiwe uthisha osolwa ngokuphoqa abafundi ukuthi balwe

2017-08-17 11:02

Kimberley - UMnyango wezeMfundo eNorthern Cape umise uthisha wesikole iDu Toitspan Primary kulandela izinsolo zokuthi uqhathe abafundi wathi abalwe phambi kwekilasi libuka.

Omunye wabazali bezingane ezibandakanyeka kulesi sigameko kusolwa ukuthi uvulele lo thisha icala emaphoyiseni ngezinsolo zokutshela abafundi ababili abenza uGrade 6 ukuthi abalwe phambi kwekilasi.

Kuzwakale ukuthi uphinde wabatshela ukuthi izinkinga zixazululwa kanje.

OLUNYE UDABA:Kumiswe uthisha ngokucwasa umfundi

Bobabili abafana balimalile ngesikhathi belwa ngoMsombuluko sekusele kancane ukuthi isikole siphume.

Lo mama ucele ukuba lo thisha axoshwe ngokushesha, wathi le ndlela yokuziphatha ayamukelekile kumuntu okufanele engabe unakekela izingane.

"Izingane kufanele engabe ziphephile esikoleni, akufanele engabe zifundiswa ukuthi udlame oluxazulula izinkinga. Akwamukelekile ukuthi uthisha engaqhatha izingane esikoleni," usho njalo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uGeoffrey van der Merwe, ngoLwesithathu uqinisekise ukumiswa kwalo thisha esikoleni njengoba kusaphenywa izinsolo.


 - Diamond Fields Advertising

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.