Umjolo wakuFacebook uholele ekudlwengulweni kowesimame

2018-01-08 19:30

Johannesburg - Umjolo oqale enkundleni yezokuxhumana uFacebook ube nesiphetho esingesihle kowesimame waseSoweto, kubika iSowetanLive.

Le ntokazi eneminyaka engu-25 ubudala enezingane ezimbili yaqala umjolo nowesilisa bexoxa nge-inbox ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuhlaselwa kwakhe.

Ithi yathathwa yindlela lo mlisa ayeyishela ngayo ukuthi uyayithanda, baze bavumelana ngokuhlangana enxanxatheleni yezitolo, iJabulani Mall ngoLwesine.

“Ngesikhathi engithumela imilayezo, wangitshela ukuthi uyangithanda, kodwa futhi ushadile. Ngamtshela ukuthi angithandani nabantu abashadile, wathi akunankinga kungcono sibe ngabangani, ngavuma nami,” kusho lo wesimame.

Uthi bashintshana ngezinombolo nalo wesilisa baze bahlela nokuhlangana.

“Wafika ngemoto yohlobo lwe-Chery enombala osalamula, futhi wayeseminiyakeni eko-40 ubudala, mude, unempandla kanye nentshebe eshefiwe.

“Wacela ukungithengela isidlo sasemini wabe esethi uzongihambisa ekhaya,” kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA:Baphanyekwa ezinkundleni zokuxhumana obaba bezingane abangondli

Uthi esikhundleni sokuba amhambise kubo, lo mlisa wahamba naye wamyisa esikhotheni esiseProtea.

“Ngesikhathi edlula ngasekhaya ngamtshela ukuthi akangishiye kubo kamngani wami eNaledi kodwa akafunanga, waqhubeka nokushayela.

“Ubelokhu ezixoxela nje engenankinga futhi nami kangizange ngisole ukuthi ngizodlwengulwa, ngesikhathi ngimubuza ukuthi siyaphi, ungitshele ukuthi kukhona into afuna ukuyithenga eLenesia uzongibuyisa,” kuqhubeka yena.

Uthi lo mlisa wabe esepaka imoto imoto ngaphansi kwesihlahla ngasepulazini ethi ufuna ukuphumula ngoba kudala eshayela futhi kuyashisa.

Le ntokazi ithi besahleli kanjalo, kwakhala ucingo lwayo, yaphuma yayoluphendulela ngaphansi kwesihlahla, le ndoda yayilandela, yayibhangqa nesihlahla.

Lo wesifazane uqhuba ngokuthi le ndoda yabe isimdonsa ngezinwele yayomfaka emotweni ngaphambili yamlalisa khona yase iyamdlwengula.

Uma iqeda, uthi le ndoda yathatha ucingo lwakhe kanye nesikhwama sakhe yakulahla, ngaphambi kokumlaxaza esigangeni.

Uthi uhambe ihora lonke ukuze afike emgwaqeni omkhulu lapho athole khona usizo kubasebenzi bakahulumeni abebehamba ngemoto.

Okhulumela amaphoyisa uKhalipha Mvula uthe akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.