"Umjondolo wami ugcono kunomuzi womxhaso"

2016-07-19 10:02

Johannesburg - Ugogo uNomayini Dopholo oneminyaka engu-76 ubudala usehlalela ovalweni lokuthi umuzi wakhe womhxaso ungabhidlika noma yinini.

Lo gogo waze waphoqeleka ukuba akhe umjondolo eduzane nomuzi wakhe.

Lesi salukazi saseKhayelitsha eduzane naseQueenstown uthe wayejabulile ngesikhathi ethola umuzi ngo-2002 kodwa injabulo yakhe yasheshe yaphela.

OLUNYE UDABA: Kume umcimbi kubangwa umxhaso

"Sengasifaka kaningi isikhalo ekhanseleni kodwa ngilokhu ngithenjiswa nje," kusho ugogo uDopholo.

UDopholo uthi kungena amanzi endlini yakhe uma lina wathi nezindonga aziqinile kahle.

"Angicabangi ukuthi lo muzi ungakwazi ukumelana nomoya omkhulu noma umlilo," kusho uDopholo.

Umakhelwane uBulelani Maseti utshele iDaily Sun ukuthi: "Ngiyamudabukela ugogo ngoba akekho omnakekelayo.

"Umjondolo wakhe uyabanda ebusika.

"Umasipala kufanele uwulungise ngokushesha lo muzi."Ikhansela uNomathamsanqa Tsotesti uthe:"Simatasa siqoqa iminingwane ngalo muzi womhxaso owakhiwa kabi.

"Le mizi izobe isilungiswa kanti eminye izokwakhiwa kabusga, kuzoya ngokuhlolwa kwayo."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.