Umka Mugabe wafuna ukungigwazela - Owesifazane oshayiwe

2017-08-18 14:01

Johannesburg – Umndeni wowesifazane othi ushaywe nguGrace Mugabe uthi awuvumanga ukugwazelwa ngumka Mengameli waseZimbabwe ukuze icala ‘lihoxiswe’.

Umndeni ubukhuluma ngoLwesine esithangamini sabezindaba ebesisingathwe yi-Afriforum, ezomela uGabriella Engels, 20, kuleli cala.

Lowo owayengumshushisi woMbuso, u-Advocate Gerrie Nel, uyena osezothatha leli cala.

“Ngichazeke kakhulu ngendlela owenze ngayo umndeni ngesikhathi uveza ukuthi ayibalulekile imali kuwona,” kusho uNel.

OLUNYE UDABA: Ibelethile ingane,10, eyadlwengulwa

"Okufunayo nje [umndeni] ubulungiswa, yingakho savula leli hhovisi; ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka nokuqinisekisa ukuthi akukhethwa iphela emasini uma kushushiswa. Ngakho impela ngichazekile ngokuthi umndeni uthe awuyifuni [imali],” kusho uNel. 

U-Engels uvulele icala lokushaya uGrace Mugabe, okuthiwa wamshaya ngentambo kagesi ngesikhathi emfica ehhotela okuhlala kulona amadodana akhe eSandton. 

Uma echaza u-Engels uthi uGracen wamshaya ekanye nabangani bakhe (u-Engels), kubonakala ukuthi ugcwele inzondo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.