UmkaMengameli uthi amadimoni aphendule izingane zakhe izixhwanguxhwangu

2017-07-26 12:32

Harare – Unkosikazi kamengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe kubikwa ukuthi uvumile ukuthi amadodana akhe amabili - uRobert Junior noChatunga Bellarmine – awaziphethe kahle futhi aphuza utshwala adla nezidakamizwa.

Ngokombiko weNewsDay, uGrace uthe amadodana akhe amabili enza ukuba angakwazi nokulala ebusuku.

Amadodana kaMugabe abesematheni muva nje kulandela ukuxoshwa kwawo efulethini likanokusho eSandton ngenxa yokuziphathwa kwawo ngendlela engamukelekile.

Laba bafana bebeqashe eThe Regent, eMorningside, eSandton.

OLUNYE UDABA: 'Abezindaba bafana nomfazi okhulumela safuthi'

Kuthiwa ebusuku bebenza amaphathi, bephuza utshwala bebhema namantombazane, nokwenze ezinye zeziqashi zafaka isimangalo ngomsindo.

UGrace, obekhuluma emcimbini kadadewabo eShamva ngempelasonto, uthe amadimoni adlala ngamadodana akhe, kubika iNew Zimbabwe.com.

"Kulezi zinsuku kunemimoya ehlasela izingane zethu. Umoya wophuzo oludakayo, owezidakamizwa nezinye nje izinto ezingajwayelekile,” kusho uGrace.

UGrace unxuse abazali ukuba bangazilahleli ngaphandle izingane uma zihlupha, kodwa babeke ithemba labo kuNkulunkulu, ukuze abanikeze ubuhlakani, kubika iNew Zimbabwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.