Umkami akafuni senze ucansi, upha amanye amadoda - Umyeni

2016-12-15 12:32

Lagos – Ekhathazwe yizenzo zokuphinga komkakhe, uMoshood Adedapo, ngoLwesithathu ubabele enkantolo efuna ukumdivosa umkakhe weminyaka engu-22.

UMoshood, 70, oziphilisa ngokudayisa impahla yokwakha, utshele inkantolo ukuthi umkakhe, uBalikis Adedapo, abanezingane ezintathu naye, akasaziphethe kahle.

UMoshood utshele inkantolo ukuthi umkakhe wabanjwa unkosikazi weshende lakhe belele endlini ngemuva kokuba ebuye ekhaya engashongo, kade evakashile.

“Washaya umkami kanzima kabi, wamkhumula wabe esehamba nezimpahla zakhe, ngemuva kwalokho ngafonelwa umuntu thizeni engazisa ukuthi uzombulala umkami.

OLUNYE UDABA: Kushone inqwaba kuwa uphahla lwesonto

“Ngaphuthuma lapho ayengiyalele khona ngihamba nomakhelwane siyomsiza.”

Uthi umkakhe ubenokuhamba ebusuku amtshele ukuthi uya ezimvuselelweni kanti uyojola.

“Ubesevame nokuthi enqabe uma ngicela senze ucansi kodwa epha abanye abantu,” kusho umyeni.

Umkakhe akazange aphike ukuthi ubenqaba ukwenza ucansi nomyeni wakhe. Uthe lokhu ubekwenziswa ukuthi ubehlala emshaya, emhlukumeza.

Inkantolo ilihlehlisele uJanuwari 17 icala.

 - NAN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.