Umkhankaso kaRamaphosa engcupheni nokungenami ‘ngabamhlophe’

2017-07-31 11:03

Cape Town – Kubikwa ukuthi ukungahoshelani ngokobuhlanga okufufusayo kungase kubeke engcupheni umkhankaso kaSekela Mengameli uCyril Ramaphosa wokuba nguMengameli olandelayo we-ANC.

Ngempelasonto iSunday Times ibike ukuthi labo abangamalungu omkhankaso kaRamaphosa nababhekelele ezezimali kanye nokucela uxhaso lwezezimali abantu abamhlophe.

Kubikwa ukuthi laba “bavalelana ngaphandle” nokuyinto ethwalisa kanzima amanye amalungu alo mkhankaso ngale ndlela yokuthi sebecabanga nokuthi bawushiye phansi.

OLUNYE UDABA: Ithi ngeke ixolise indodana kaMengameli Zuma

UBejani Chauke, ongumphathi wethimba likaRamaphosa, uziphikile izinsolo zokungahoshelani ngenxa yobuhlanga. Akazange aziphendule izingcingo zeNetwerk24 ngeSonto.

Umholi we-EFF, uJulius Malema, uphawulile ngesikhathi iqembu lakhe linomgubho ngempelasonto, wathi uRamaphosa akamnyama, kodwa ukuthi nje akamhlophe.

Kodwa-ke umhlaziyi wezepolitiki esikhungweni semfundo ephakame, iNorth West University, uTheo Venter, ngeSonto uthe akayiboni into engaba inkinga ngendlela okumi ngayo ithimba elikhankasela uRamaphosa.

UVenter utshele iNetwerk24 ukuthi kunencazelo ewenzayo umqondo ngokuthi kungani umkhankaso kaRamaphosa uthola ukwesekwa osomabhizinisi.

Kodwa-ke uthi kumele kuqashelwe njengoba sekunalezi zinkulumo ‘ngongxiwa abamhlomphe’. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.