UMkhize uthi kumele ibe isexwayiso imiphumela yevoti lokungamethembi uZuma

2017-08-11 12:31

Johannesburg – UMgcinimafa we-ANC uZweli Mkhize uthi kumele ibeyisexwayiso kwi-ANC imiphumela yevoti lesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

UMengameli Zuma usinde ngamavoti angu-28 ngemuva kokuba amaLungu angu-198 ePhalamende evotele ukusiphikisa isiphakamiso, kwangu-177 ebehambisana naso. 

OLUNYE UDABA: UMchunu utshele i-ANC eKZN ukuba yesekele uRamaphosa

Nakuba kunjalo, uMkhize uthi i-ANC akumele ibungaze ngoba kunamaLungu ayo alinganiselwa kwangu-25 avote kanye namaqembu aphikisayo ukuba kugudluzwe uZuma. 

Uthi ukuvota kanye namaqembu aphikisayo akwamukelekile.

 “Okwenzeke ePhalamende akuyona into obungayicabanga eminyakeni edlule, bekungeke kwenzeke,” kusho uMkhize.

“Njengabaholi be-ANC kuzomele sibuyele emuva sihlolisise isimo esibhekene naso nokuthi yini esingayenza ukubumbana, sakhe kabusha.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.